Isu lobuciko lomkhakha wezolimo uhlelosu lwezolimo waseNingizimu Afrika liwumkhiqizo wokubambisana phakathi kukaHulumeni, i-Agri SA kanye neNAFU.

Ngasekuqaleni kuka-2001 uMongameli Thabo Mbeki wacela ababambiqhaza abehlukene ukuba bathole isu elisebenza kubo bonke elizokwenza kugxilwe kulo ngokwanele ukuhlanganisa lo mkhakha. Kwabe sekulandela isu lobuciko lwalo mkhakha olwaqhamuka lusuka kulesi sicelo.

Inhlosombono yalo mkhakha isho ukuhlanganyela okunenzuzo okuqhubeka isikhathi eside, kwezomnotho waseNingizimu Afrika wezolimo, kuhlanganyela bonke abathintekayo. Le nhlosombono yemukela isidingo sokugcina kukhona kanye nokwandisa ukukhiqiza kwezentengiso, ukwakha ukuncintisana kwamazwe ngamazwe nokubheka amafa omlando nokuchema okwaba nomphumela wethuba lokungena nokumelwa elichemile. Le nhlosombono inika isithombe esicacile salapho ezolimo zaseNingizimu Afrika zifuna ukuba khona esikhathini esizayo.

Izinyathelo zesu lobuciko ziqukethe amasu amathathu angumongo:

Ukungena okungachemile nokuhlanganyela

Izinhloso zaleli su ngukugqamisa nokuhlanganyela emathubeni ezolimo; ukususa ubuhlanga emhlabeni nasekubeni ngabanini bamabhizinisi; kanye nokuvula ikhono eligcwele lezamabhizinisi kulo mkhakha.

Ukuncintisana nokuba nenzuzo kwezomhlaba wonke

Inhloso yaleli su ukugqamisa ukuba nenzuzo ngokusebenzisa ukuncintisana okuqhubeka isikhathi eside okwenzeka emhlabeni wonke, kuqhakanjiswa ngokusebenzisa lokho okungokomkhakha wezolimo okungeniswayo, okukhiqizwayo okuyikho okuphambili, uhwebo oluphathelene nokusetshenzwa kwezinto eziphathelene nezolimo kanye nezokuvakasha ezithintene nezolimo.

• Ukuphathwa kwemithombo okuqhubeka esikhathini eside
Leli su lihlose ukugqamisa amakhono abalimi okusebenzisa imithombo ngendlela ehlala isikhathi eside nokuqinisekisa ukusetshenziswa nokuphathwa okunenhlakanipho kwemithombo yezemvelo.

Amanye amaphuzu amasu angumongo ayahambelana futhi azoba nomnikelo ekudaleni nasekubuyiseleni ukuzethemba kwezolimo. Iqembu elibhekene nomsebenzi, lilokhu libeke lokhu emqondweni, lakhomba inani lamasu adingekayo axhasayo nanika amakhono okwenza:

• Indlela yokuphatha enhle

• Ukuthuthukiswa kwezindawo ezisemaphandleni okuhlanganisiwe nokuqhubeka isikhathi eside

• Ulwazi nokusungula izinto ezintsha

• Ukubambisana kumazwe ngamazwe

• Ukuphepha nokuvikeleka



Lezi zinhloso ezihambelanayo zamasu zinika isisekelo esisemqoka ngaphandle kwaso okuyothi inhloso yohlelo lwamasu ingabi nakufezwa. Zibuye zigcizelele ukwencika komkhakha ekuxhasweni ngamanye amaqoqo eminyango kahulumeni nawohwebo lukahulumeni.

Abalingani abazinike umsebenzi wokuthwala ukwenziwa kohlelo bazobuye bakhiphe izinhlelo zezinyathelo ezizokwenziwa ezinemininingwane ebanzi. Ukufinyelela lokhu, abalingani abaphambili bazosungula ikomiti elihlanganyelwe elizohlala likhona. Babuye benze imizamo yokubandakanya abasebenzi abahlelekile, amaNGO, izinhlangano ezesekelwe emphakathini kanye nezinhlangano zangaphandle.

Njengesinyathelo sokuqala sokusondeza izinyathelo zohlelo eduzane nokwenziwa, abalingani babone lezi zinhlelo nezinyathelo eziphuthumayo ezilandelayo:

• Ukwenziwa kwesu lezokuphepha nezokuvikeleka eliyisisekelo esibanzi, elenzelwe ukusebenza kahle nokusimama kwezokuhlalisana, ukwethembana nokuzethemba

• Ukukhuthaza inhlosombono ehlanganyelwe kwezolimo, ukuphatha okuhle kanye nokuhlanganyela kwezokuhlalisana

• Ukusheshisa uhlelo lokwabiwa komhlaba ukuze kuthuthukiswe ezolimo kanye nezindlela zokuzihlomisa okubhekiswe emaqenjini aqondiwe akhonjwa

• Ukuguqula ucwaningo kwezolimo, ukwedluliselwa kwezobuchwepheshe, kwezemfundo nokwelulwa ukuze kukwazi ukuba kubhekane nezimakethe

• Ukuchaza kabusha igunya lezentengiso zezolimo kanye nohwebelwano lwamazwe ngamazwe esikhathini esilandela esebhodi eyengamele, ukuze libhekane nokuncintisana okuthe xaxa kwezomhlaba wonke kanye nezidingo zokukwazi ukufinyelela izimakethe, izingqalasizinda kanye nolwazi

• Ukwakha izinhlelo ezikholekayo zokucwaningwa kwezamanani nezomnotho kwezolimo ezizofinyeleleka kubo bonke abalimi namabhizinisi

• Ukusungula uhlelo oluhlanganisiwe lwezezimali kwezasemaphandleni njengoba luchazwe eMbikweni weKhomishani kaStrauss

• Ukuthuthukisa uhlelo oluhlanganisiwe lokuphatha izinto ezibekana engcupheni mayelana nezinhlelo zezempilo yezimila neyezilwane, izinhlelo zezentengo nezemali engenayo kanye nezinhlekele zemvelo

• Ukugxila kuqondiswe utshalomali emaphuzwini okuthuthukiswa kwamaphandle ukuletha izindlela zokuziphilisa, izingqalasizinda, ezokunisela, ugesi, ezokuxhumana ngocingo, ezokuthutha, ukuqeqesha kanye nokuthuthukiswa kwamakhono

• Ukusungula uhlelo lokusebenzisana kwezolimo lwe-Afrika, ukuhola isiNyathelo se-Afrika eNtsha (New Africa Initiative) kwezolimo

• Ukwehlisa izindleko sezizonke zokukhiqiza, kufaka phakathi okunye ukwehliswa kwezintela ezibekwa emafutheni kadizili nokunye okuyizinto ezingeniswayo.

Kukho konke lokhu, bayalibona iqhaza elisemqoka ekufinyeleleni izinhloso zokuhlanganyela, ukuncintisana nokuba khona isikhathi eside.

Ngakho-ke kuyokwenziwa konke ukuqinisekisa ukusebenzisana nokuqondaniswa okukhulu phakathi kukahulumeni namabhizinisi angasese - okuchaza abalimi, izinhlangano zabalimi nebhizinisi lezolimo - ukuze kufinyelelwe inhlosombono entsha yomkhakha obumbene nonempumelelo.

Imiphumela elandelayo ilindelwe ukuba ivele ekwenziweni okuyimpumelelo kwalezi zinhloso zohlelo:

• Ukudalwa komcebo okwandisiwe kwezolimo nasezindaweni ezisemaphandleni

• Ukuqashwa kwezolimo okuqhubekiswa isikhathi eside

• Izimali ezingenayo ezandisiwe kanye nokutholwa kwemali okwandisiwe okungena ngokuhwebelana ezimakethe zangaphandle

• Ukwehliswa kobuphofu nokungalingani ephuzwini lokuba ngabanini bomhlaba nabamabhizinisi

• Ukusebenza kahle okwenziwe ngcono kwezobulimi

• Ukuqiniseka okwenziwe ngcono ngokudla kukazwelonke nokwamakhaya

• Imiphakathi yasemaphandleni esimeme nephephile, amazinga obulelesi nodlame ehlisiwe, kanye nokuthuthukiswa kwezindawo ezisemaphandleni okuqhubeka njalo

• Ukwethemba kwabatshalizimali okwenziwe ngcono kanye nokutshalwa kwezimali kwezasekhaya nokwasemazweni angaphandle okuthe xaxa

• Iqholo nesithunzi kwezolimo njengomsebenzi ongenziwa ngabantu kanye nanjengomkhakha

Abalingani bazibophela ekwethuleni isikhathi esidingekayo kanye nemithombo yezimali nezinto ezisetshenziswayo ukubonelela ukusebenza ngempumelelo kwesu lobuciko.

Incwajana ethi Isu lobuCiko loMkhakha wezoLimo waseNingizimu Afrika iyatholakala
eResource Centre
Department of Agriculture
Ucingo: (012) 319 7141

Futhi iyatholakala nakuweb lapha:
www.nda.agric.za

 

2002

Printed and published by the Department of Agriculture
Directorate Agricultural Information Services,
Private Bag X144, Pretoria 0001